Sanibonani,
Ngiyathemba ukuthi niyaphila nonke.
Lendaba yodlame oluqondiswe kubafowethu ibuhlungu. Noma singathini akubona ubuntu. Okokuqala nje akusibona abansundu kuphela abalana emzansi ngokungemthetho. Noma singathini abafowethu basihlukumeza kancane kunezinye izifiki. Kukhona abasilethela izidakamizwa, kukhona abakhiyela odadebethu nomama ezimbonini zabo beze bebalalise nezinja. Sikesabashaya na? Kodwa sizama ukuthi bancono kunabantu esihlobene nabo!
Mina sengahambela izindawo eziningana lanakwaZulu. Ngapha kwaMbonambi kukekwaba nomlilo owashisa imizi yabantu kwasweleka nemiphefumulo. Uhulumeni waletha amathende aluhlaza. Wawungathi amathende okucampa izingane zasekresh. Angazi ukuthi angakanani lawa asema-refugee camp kodwa angiboni ukuthi afana nalawo.

iTshelincane kaNjin'faya kaMashiyak'khalwa kaNogwaja omuhle ngemlenze