Sanibona

cha mina ngisaphila angikabizwa kwelobabamkhulu. Zibekile izinsizwa, kuyezwakala. Kwakhala nyonini kuthina Ndlu emnyama? solokhu kwayithi esiluthanayo, esibambana ngamandla, siyabulalana bese sifuna ukugxeka isimo sethu esikuso ukuze sithole incazelo.

Mina ngithi kasibambaneni sithole ingxazululo ngalodaba. Kakade umngcele wadalwa yibo ondlebezikhanya ilanga, obabamkhulu babephila nje, kungena nkinga, babembiza umuntu ngesilwane kepha babengamuxwayi kuze kufuke lapho esebulawa, ngaphandle-ke uma lowo muntu enezihlinzekelo ezithephecelezi.

Azibuye emasisweni, Ubuntu abuvumi bakwethu. u Hulumeni yena angifuni nokuyiphatha eyakhe, usayileyandonda enkulu ehlala idla engakhula ngiyicabanga uyohlala eyiyo.Thina masizitholeleni indlela yokuphuma la....

kuningi engingakusho okungiphatha kabi ngalesisimo, kubuhlungu ikakhulukazi kuthina baseMzansi Afrika-ngingenza isibonelo esisodwa:
Uma abangaphandle behlelwe okuthize okubalahlekisa ngama"Basic needs" Banikezwe amathende ahlala umndeni owodwa, kepha thina balapha emzansi uma sehlelwe isimo esifana ncamashi sinikwa amathende ahlala umphakathi wonke -
sithule na?

yingakho ngithi asizameni ukuthola ingxazululo (hhayi ama tender).
ngiyaxolisa ngokwanda.

MaMlangeni, Gasela.