uQinisile uSobho weMbokazi.
Kungani kushaywa laba abansundu bodwa na?
Impendulo inxhambili;
-Okokuqala abamhlophe baletha ulwazi oluthile esingenalo lapha ekhaya. Ngikhulumanje ngisebenza nensizwa yaseRussie kanye nenye eyaseBulgaria, lamadoda angoNjiniyela. Benza umsebenzi ofakela izwelethu imali. Abafowethu (abamnyama) umabethola amaphepha (degrees) wobuNjiniyela basebenza iminyaka embalwa besebekhuphukela kwiManagement level. Kusale omningi umbesebenzi woNjiniyela la phansi, yilaphoke lezizinsizwa zakoRussia, Bulgaria (Eastern Europe block) ezifike zingene khona. Okunye futhi ezibhedlela zikahulumeni kugcwele oDokotela balekoMorroco, Libya, Cuba yini inkinga?Bayabaleka abafowethu.

-Okwesibili laba abansundu abaningi babo abalethi ulwazi esingenalo. Uhulumeni ubadimfa kithi nathi sizihluphekela, kanti futhi sebesuke babaningi nabo. Ngo-1980s babekhona ababevela e-Mozambique kodwa babembalwa, inkinga manje yilenqwaba yabantu .......some estimate put the number at 3 million Zimbabweans........

Malandela, Wena owalandela izinkomo zamadoda, Luzumane, BazumeNdaba balibele, Lugagane olwahlaba amaTshali ezibunjini athi ayahamba agxamalaze, Mfolozi emnyama inkethabaweli........