ngiyanizwa madodoa Sobho nino Malandela kodwa mina ngisasho ukuthi abantu bakhathele kwanele sinezinkinga ezininki, ukufika kwabo kwazithasisela qede uhulumeni wabahlinzekela ngezidingo wakhohlwa ithina sasala silambatha.

engikubonayo ukuthi sabekezela sibheke ukuthi kuzolunga ezweni labo khona bazoqoqa imithwalo yabo babuyele emakubo kodwa kwangenzeka lokho kwaholela ekutheni abantu babhamuke intuthukelo ngoba benganakiwe kunakwe izifikanamthwalo.

okunye futhi ukuthi laba bantu ibona futhi iningi labo elidlange ngokuqola izakhamizi zakuleli ngezindlela eziningi, khona manjalo zingaki ingane ezingaphansi kweminya engamashumi nanhlanu ezikhulelwe kuleli ngendaba yezifika namthwalo?

uMsholozi yena watshelwa ngaphandle kokungabaza okanye okwesatshwa ukuthi uma ehamba aqinisekise ukuthi uhamba nabo kwasho indoda yomXhosa waze wahleka uMsholozi

sengihembe, akwande


Mbokazi,Donda,Nxele,Sontuli,Hlamukazi,ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane zona ziphapha phezulu emafini,uphangela kobhongo koqhoqhoqho ,umlamlankunzi ngabe uziyekile zabulalana,Hlamukazi kaMdaka,Umdaka usezintangeni,wena owasephulamuthi uphekiwe endlini kamantombase,abakaphangela abaphangela izinkomo zamadoda lathi ilanga liphuma labe liphuma nezinkanzi zamadoda.