Ngiyacabanga ngodaba olusematheni kulezi nsuku, ukushaywa nokuhlukunyezwa kwabokufika kuleli ukuthi ludinga sidle amathambo engqondo ngaphambi kokuphefumula ngalo.

Ngiyabonga kuMbokazi nakuwe Malandela ngokuthi ningivumele ukuba ngiqephuze ngeyenu inkabi emalunda. Kuyindida ngempela nokucabanga ngaloludaba ngoba yebo khona kubukeka sengathi ukhona umkhonyovu phakathi kwalendaba.

Okokuqala kukhalwa ngale Xenophobia ndini, ukucwasa ngebala nangokudabuka phela. Manje sengiyacabanga ukuthi uMshayina, iNdiya, iPhuthukezi nabanye ondlebe zikhany' ilanga bona kaba thinteki kakhulu kuloludaba ngoba bona bethuswa nje bengabulawa. Ngelabampisholo lodwa igazi elichithwayo, Vuka M'afrika. I'm convinced a third force is behind all this... Ukuthula kangaka kukahulumeni ngaloludaba kubangwa yini? Kungani abaholi bethu bengaxhumani nabaholi balamazwe athintekayo, kuhlalwe kudikidwe kabanzi ngezindlela ezinga setshenziswa ukuze kunqandeke lobu buwula obenziwa yilabo khanda-liyaxega?

Okwesibili, cha bafowethu bengisathanda okwenaba ngaloludaba kodwa abelungu sebayangilwisa bathi uma ngifuna ukuba umhlaziyi wezepolitiki mangishintshe ngiyoshona. Kahleni ngiyochitha imigqomo kadodi ngicoce nekhishi labelungu...

TO BE CONTINUED!!!