Ngiyabonga Mbokazi ukuthi uqale lendaba.

Mina bengixoxa nezinsizwa engisebenza nazo, vele abantu bakhathele ukunganakwa, kodwa lezizinsizwa enginazo zona zicabanga ukuthi mhlawumbe uhulumeni wenze ngama bomu. Landela lendaba, akesithi uhulumeni ubefuna ukubaxosha kodwa baphinde bazibuyele onkabi. Manje lezinsizwa zithi mhlawumbe uhulumeni uthumele i-NIA ukuthi igqugquzele ukuthi abantu bakithi bethuse omakhelwane bethu, ukuthi besabe ukuza lapha eNingizimu.
Lezizinsizwa zithi zicashwangiswa yindlela lolundlame oluvele lwabhebhetheka ngayo kwasengathi beluqoshiwe (planed).

Mina mfokaMbokazi angivumelani nokubulawa kwabantu. Izinkinga zikhona impela, imisebenzi, izindlu nobugebengu, kodwa uhhulumeni obekufanele asombulule, aqaqulule alungise izinkinga ezicindezela umphakathi.

Malandela, Wena owalandela izinkomo zamadoda, Luzumane, BazumeNdaba balibele, Lugagane olwahlaba amaTshali ezibunjini athi ayahamba agxamalaze, Mfolozi emnyama inkethabaweli........